Goto News >
Search..

Goto News
Uvunywe uZimdollar Umfana weNyathi

Insizwa esencane ezindimeni zomculo kodwa eshaya ingoma enenkosi phakathi isizakhele ugazi kumsakazi wokhozi fm ophinde abe umshayeli wohlelo lukaSgiyangengoma. Le nsizwa idume kakhulu emculweni ngegama elithi Umfana Wenyathi.


Usanda kudedela umusic video wengoma yakhe ethi 'Ngikhomba ngophakathi.'Ngichazwe umlayezo wengoma, ngachazwa indlela akahlanganise ngakhona izintambo kanye nephimbo. Kuyakhomba ukuthi lukhulu akeza nalo emculweni lo mfana." Kubeka uZimiphi.


"Bathandi bomculo kaMaskandi uma ningathi anizukumeseka umfana oshaya ingoma enkulu kangaka nizothi nifuna ukweseka abanjani? Ngicela nimuphe uthando bese nithenga ingoma yakhe iyatholakala kuma digital. Ngeke uzisole ngokwenza njalo ngoba inkulu kakhulu ingoma akayishayayo." 


"Okumnandi kakhulu ukuthi namabhinca asemzwile awawuvali umlomo. Uma ungakamuzwa ungaya nakuyoutube uyobona umucic video wengoma yakhe. Uyawazi wona uswidi wodwa? Uma ungawazi uzowuzwake manje ngoba umfana akafikanga ugalelekile." Kuphetha uZimdollar.