Goto News >
Search..

Goto News
Uyaxolisa ngokukhuphula uBig Zulu

"Angibingele bafwethu kubona bonke abathandi bomculi kaMaskandi nabaculi bawo." Kusho uJezekhulu. "Bafwethu kusididile ukungena kwabaculi ababili abacula uMaskandi kwitop 10 yoKhozi FM."


"Yingakho ngigcine ngidideka ngiphusha umculi ongaculi wona uMaskandi umfwethu uBig Zulu. Kube iphutha elikhulu lelo kimina njengomculi waseNdlunkulu. Ngithi angixolise kakhulu ngokukhuphula umculo weHip Hop."

"Bafwethu ipolitiki ela kuMaskandi iyawubulala kakhulu umculo wethu. Ubona ngenza iphutha elinjengaleli nje bengithi ngibalekela khona ukuthi kuthiwe sengigadlile. Angithi ukube ngiphushe uKhuzani bengobe sengigadlile kuMthandeni, kanjalo futhi uma ngiphusha uMthandeni bengobe sengigadlile kuKhuzani."


"Bafwethu sididekile singabaculi asazi ukuthi kumele siphushe bani. Lento ingagcina mjhlampe isiyenza ukuthi kugcine kuwina omunye umculo kube iwona onqamula unyaka kanti asifuni kanjalo. Kuye kube kuhleke uma ungumculi kube nabantu abakululekayo abafana naboMdavu noNtozakhe abaye bangibonisa bathi bekungamele ngikhulume kanjeyana ngoba ngingowase Ndlunkulu.


Kunje nje nje bafwethu ipolitiki ekhona emculweni kaMaskandi. Kulo nyaka alikho iqiniso ngoba ukube likhona bekungeke kungene abaculi ababili ngoba siyadideka ukuthi sivote kanjani.


Angithi ngabe siphusha indoda eyodwa ukube kungene eyodwa. Buka nje nami ngigcine ngiphusha uBig Zulu ngoba ngithi ngibalekela ukukhuluma kanti sengigadlile kuMaskandi. Ngicela bathandi bomculo niyijulele lento yepolitiki."

"Into engilethe la ukuzokwakha bafwethu ngoba kunalento yepolitiki egcina yenza abathandi bomculo begcine bephusha iqhawe labo ukuthi lingene kwitop ten kanti ingoma yalo incane. Uyabona nje manje sesimane siyazama nje ukubafisela inhlahla kodwa siyazi ukuthi ngeke bewine bobabili.


Bafwethu sicela nisitshele nina ukuthi kahle kahle ubani okumele simphushe ukuze enqamule unyaka ngoba ngeke sikwazi ukuphusha abantu ababili ngesikhathi esisodwa. Ngikhala kakhulu ngale politiki ezogcina ibulala umculo wethu." Kubeka uJezekhulu.