Goto News >
Search..

Goto News
Uyaxolisa uKhehlelezi ngokuziba uSkhova enkantolo

Umsunguli nomdumisi waleli temu elithi azikhale, nelavela kwenye yama-album akhe etalabha lona kanye iChunu uMthandeni umfoka Manqele akeneme ngendlela azitshwe ngayo inyanga yodumo uDokotela uKhehlelezi. UManqele uyena kuphela umculi kaMaskandi odumile ongakufihlanga ukuthi uyameseka uNgizwe Mchunu njengoba namhla eyothola ibheyili lalikhona Igcokama.


Usexolisile udokotela ngokuziba Igcokama washo ukuthi ubematasa kakhulu ekhuluma nabangabonwa ngamehlo obekumele besize iChunu ukuze liyithole le bheyili. "Ngiyaxolisa kakhulu kumfoka Kuphosa kwenyathi osekuvela ukuthi akwehlanga kahle kuyena uma ngimziba enkantolo. "Ngiyabonga kakhulu ngobuqhawe akabuvezile wayokweseka uMacingwane ngoba abaningi abaculi asazi ukuthi bebecashephi." Kusho udokotela.

Udokotela Khelezi ugxeke kakhulu abaculi abavele bafaka imsila ngaphansi bangabonwa ngisho nangokhalo uma kuboshwa uNgizwe. "Baphi abaculi ikakhulukazi bakaMaskandi ngoba ibona abawazi kahle amagalelo kaNgizwe. Baphi oTira ngoba bayamazi uNgizwe nezinto eziningi akazenzele umculo wonke jikelele bayazazi. Ngidumele uma ngibona abaculi beziqhelelanisa nokweseka le nsizwa esesiwe savuka nayo kumanje ingaphandle. Ngiyabonga kwiGcokama elisha noNjoko nabanye abafikile."