Emcimbini omkhulu obuseLindelani Sports Ground kwaDukuza obuwenziwe uKhongolose ngenhloso yokukhankasa noma yokuhlanganisa abantu abasha ukuze balulekwe ngezinto ezithize azibalulekile ezithinta iqembu kanye nokuhlelela ukukhankasa. Uhleloke beluphethwe uNgizwenkosi Mchunu nobebukeka ejabule kakhulu njengoba engumuntu ongasakujwayele ukuma phanbi kwabantu abaningi njengalabayana.
Bezikhona izinkunzi zomculo wesintu ziphelele ngoba bekukhona ngisho noJaivazimnike ongundaba mlonyeni kulezinsuku ngengoma yakhe efequzisa izwe lonke nokuyiyona emenze wacishe wafela kuwo lomcimbi ebulawa abalandeli bomculo ngoba bamudonse phezulu esiteji bemudonsela phansi baqeda badonsisana ngaye ngoba bejabulela yona leyongoma yakhe yodumo.
Kuthe uma kuphuma uJaivazimnike kwafanele ukuthi uNgizwe afake uNavigator Gcwensa osephenduke uKing Gugas okuyigama lakhe elisha lelo akalinikwe abangani bakhe emva kokuba beme naye phambi kwekhamera ngenhloso yokwenza ulive video ngesikhathi bephusha noma bemaketha ingoma yakhe entsha akayicula ngaye lowo dokotela wodumo lokugqilaza abaculi ukungu Dr 3seconds.
Kuthenake uma ephuma uJaivazimnike uNgizwe wathatha iMic noma umbhobho wama phezulu esiteji wathi, "Phansi ngo3seconds phansiiiiii", bavuma ngobuningi abantu bathi phansiiii, waphinda wathi,"Inja u3seconds mina ngicishe ngamushaya ngempama lomfana uNavigator uma ngizwa kuthiwa uye ku3seconds ngoba angazi ukuthi akezanga ngani kimi uma efuna inyanga, isishiphi futhi u3seconds", lawoke amazwi eChunu elithe uma liqeda ukuwakhuluma labe selimemeza uNavigator uMfokaGcwensa....