"Sanibona ngzoxolisa ukuba mude. Ngathatha isinqumo sokuthi kunoma yini ethinta uMaskandi ngingaphawuli ngoba angfuni ukuzithola ngisekukhulumeni ngelinye ilanga." "Izolo ngye ngaba buhlungu emoyeni mangibona kuvela igama lami kubantu abanomona noma abangayifiseli ingoma ka Khuzani ukuthi ingene ku top 10."
"Ngibe sengithi ngoba nginawo amanumber wakhe angiqale kuye ngibuze icala lami ngoba akaze ngiphushe neyodwa ingoma selokhu kuqalile ukufakwa kwama email. Ngenhlanhla u4nile wachaza futhi ukuthi ubengasho kabi kodwa ubengibala njengomuntu owahlukanisa unyaka nolwaziyo usizo lwakhe."
Kulabake abangithukayo nabangibona nginomona ngcela ukucacisa lokhu. Mina ngonyaka odlule bengingavumelekile ukukhankasela ingoma yami cz bekuthiwa singakhankasi.
Futhi akekho umculi owake waphumela obala wathi ikufanele ukungena kwi top 10 ngoba zazikhona engangibanga nazo Gatsheni Singamabhinca, Khuzani Isilingo, Cevuzile Ngzobaxolela nezinye futhi ngakuqonda lokho. Kwaze kwaba ingoma iyaqokwa kwi top 10 base bengibongela bengikhankasisa futhi okuyinto nami ebengizoyenza uma seyikhona engenile.
Njengoba bebaningi ozakwethu abanezingoma ezishisayo abafisa zibe sembangweni wonyaka bengingeke ngikwazi ukuphuma iqhubu neyodwa ngoba nakimi akwenziwanga lokho. No Menzi loyo okuthiwa ngimphushile ngagcina ngelive engangimethulela ngayo I CD ngo September 6 angiphindanga futhi ngakhuluma ngaye
Mina angingenanga kuma SAMA I album yami ishisa ngenxa yokungabi nalwazi bekhona ababenalo ulwazi kodwa azange ngikhale ngamuntu ngazisola Mina ngokungabi nalwazi. Ngahlonishwa ngendondo kuma SATMA akekho oke wangibongela. Ngathola isponsor sezimpahla zokugqoka akekho oke wangibongela. Kumanje ngiqeda ukuthola isponsor sakwa TELKOM esihambisana ne moto nalapho akekho oke wangibongela.
Kwelomona isemncane kakhulu iminyaka enginayo emculweni ngisenethuba lokuzuza okungaphezu kwalokhu engikuzuzile so anginaso isizathu sokumonazela ozakwethu abaphumelelayo ngoba nami ngsenalo ithuba. Ubuvukane bami busangenelisa okwamanje ngoba ngsaqashwa ngsawathola ama sponsor anginaso isizathu sokukotela kwasebedumile NGYABONGA ngixolise ngokuba mude nakulabo abazothi ngithanda ukukhuluma bangixolele