Usugiye wathela Amabhinca ngomquba lo tamatisi. Umculi wokholo uJumbo udedele ingoma ewuMaskandi enoshuni wobunsizwa wakhwela wadilika kulowo owabe engumsakazi omkhulu woKhozi FM uNgizwe Mchunu. Indaba ingetiye likaThinah Zungu la okwabonakala khona uNgizwe eshingela ezokholo kanti ziyakwazi ukuvika ngisho sezilele phansi.
Kule ngoma uJumbo udlulisa umlayezo onokushinga phakathi uthumela uNgizwe ukuthi akahambe ayotshela Amabhinca ukuthi ukufaka uthayi uphathe ibhayibheli elingcwele akusho ukuthi uyigwala noma awuqhathwanga usakhula.
Ulibhula impela ihawu futhi kuyacaca ukuthi la beyodibana khona ngeke kumile tshani futhi ngeke kumile mbuya. "Bengifuna ukuwabonisa nje amabhinca ukuthi ngaqhathwa mina. Ubunsizwa into engakhula ngayo ngase ngakhetha umkhakha wezokholo ngoba ngibona ikhono lokucula iGospel. Kodwa yena uNgizwe umfana omcane lowo angimesabi mina." Kubeka uJumbo.