Imangaze abaningi intokazi ecula uMaskandi edumiswe uKhuzani kule ndima yomculo. Ibisizakhele ugazi ezinsizweni ezingamabhinca ikakhulu ezithanda Indlamlenze. Kumanje abafuni nakumbona mnganwami kuthi abazibulale. Iphepha elidumile nelaziwayo kuleli liveze ukuthi le ntokazi iyinsimbi edlezinye.
READ: Kubhuntshe amalobolo kowaqoma kufacebook
Lokhu kufakazelwe izithombe ezisabalele ezinkunldeni zokuxhumana kanye nodaba olubhalwe kuleli phepha oluthi uKhuzani uhliphize umshado wezitabane. "Kuliqiniso ukuthi uKhuzani ubenalo ulwazi olugcwele ngobudlelwano bukaSphe noSthembile Ntando Mkhize kodwa ubebugxeka ethi buhambisana namadimoni."
"Ngisanda kuchazwa eye yamavideo ale ntokazi ibiza ingoma kugcwele endlini ngasho ngathi isaya kude kwezomculo kanti angibuzanga elangeni. Ngiphinde ngachazwa esinye sezithombe esigcwele ezinkundleni zokuxhumana la ivunule khona intokazi isho ngesinqe sayo esihle esisobala kanti sibotozwa abobulili obufana nobakhe."
READ: Liyatrenda itemu leGcokama
"Namanje ngisamangele futhi ngisekude ukuyikholwa le ndaba ngoba bengithi ikusasa lalentokazi liqhakazile kwezomculo. Thina njengamabhinca asizwani nodoti. Lento akayenzile yokukhetha ukushada nenye intombazane imenze sambuka ngelinye iso. Yebo siyezwa ukuthi kubhedile ngomshado wakhe kodwa lokho akumyekisi ubutabane, usazoqhubeka aqatshulwe abobulili obufana nobakhe."
"Ngike ngaxoxa nezinsizwa ehostela eThembisa zasho zathi noma ngabe usazoqhubeka acule kodwa uzikhiphile kuzona azisobuye ziyingene indaba yakhe." Kubeka uMshovi wenkani kwezoGcokama eMsinga.