Goto News >
Search..

Goto News
Uzokhipha Amageza amasha

Izinduna ezinkulu zamaGeza kanye nobuholi bawo obabuzwana kakhulu neNdidane, uTununu umfoka Biyela kanye noVeloh Bhengu babize uNavigator umfoka Gcwensa babamba naye umhlangano ophuthumayo.


Inhloso yalo mhlangano ukuzophuma nesisombululo ekuthenini bangenza kanjani ukuthi igama elithi 'Amageza' lingashabalali. Babe sebethatha isinqumo sokuthi le nsizwa esidumile ezindimeni zomculo ithathe uSphe umfana kaGcwensa bekhiphe noma behlanganise iqembu abazothi AMAGEZA AMASHA.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi umhlangano uhambe kahle kakhulu sagcina sivumelene ngokuthi ngizohlangana noSphe sikhiphe Amageza Amasha." Kubeka uNavigator Gcwensa.


"Ngizobe ngihambisana nomfowethu Ithole leNdidane kanti noPotso uzobe eqhubeka namaGeza Amahle."