Kubikwa ukuthi akasabazi ubuthongo umfoka Mgube. Le nsizwa izama ubusuku nemini ukuthola Igalofu elisha okuyinsizwa efana nse, neGcokama elisha. "Kwase kuvelile okufana nawe, kuthiwa awufuni nakukubona mngani wami kuthi zibulale." Kwazisholo uKhuzani etalabha Igcokama ngayo le nsizwa.
Igalofu elisha livuka ngaye lilale ngaye umfoka Mgube ozama ngayo yonke indlela ukuthi athole Igalofu ukuze lizozenza Igcokama elisha engomeni yakhe. Izinkomba zithi ufuna ukwenza ivideo yale ngoma ethi Satanism la akatalabha khona bukhoma Igcokama aze athi lishaya nge-9mm.
"Ekuseni uma kusa wena uvuka ngama kellogs noma uvuka ngomfudumezo?" Kubuza Igalofu elisha ezinkundleni zokuxhumana. "Cha mina bafwethu ngivuka ngenduna yenkosi Igeza lakwaMgube, sibakhulu ezweni." Kuqhuba Igalofu.
READ: isililo kumiswa uTshatha Okhozini
"Ngizozama ukunihlephulela le nkulumo yale nsizwa yakwaMaphumulo niyizwe ibalisa kanjani. Ngimangazwa ukuthi ize ifake noBhekihonga phakathi. Uzokhumbula phela ukuthi lelo igidangoma layo lakudaaaala impela, kanti yini lena eseGalofini?"
Kuyacaca ukuthi Igalofu ligcwele ngeGcokama alikavumi ukwenza lo music video neGeza lakwaMgube. Lize lafaka iscreenshot ezinkundleni zokuxhumana igalofu ngoba lifuna ukuveza ubufakazi bokuthi lilala ngaye livuke ngaye uMgube ngesikhathi thina silala ngokwakusihlwa sivuke ngomfudumezo.