Goto News >
Search..

Goto News
Uzolenyusa kakhulu izinga kulonyaka

Usevele usenayo eyokuqala ingoma uSphuzo sabantwana. Uzokhumbula ukuthi le nsizwa yaduma ezinkundleni zokuxhumana iziculela izingoma zayo zomzambiya yatholwa abathile bayikhipha emkhukhwini bayakhela umuzi onogesi.


READ: Kubongwa ngokusa kuSthembiso Zondo


Akugcinanga lapho kodwa yangena estudio yakhipha icwecwe layo elimnandi kakhulu elinezingoma ezingamanoni kuphela esingabala kuzona ethi ziphi izinkomo, nathenga amagumba gumba ziphi izinkomo. Leyo ngoma unawo nomusic video kuyoutube.

Ukhulume nabathandi bomculo wakhe wathi ubona sengathi kulo nyaka kuzosebenzeka kahle ngoba banesikhathi esiningi kakhulu.


"Kubukeka sengathi sizokwazi ukufingqa isikhathi sokuphuma kwe-album kwazise kwaba nezikhalazo eziningi emveni kokuthi sahlala six months wonke singaphumi nalutho estudio." Kubeka Inkosi yamaBhenanyawo.


"Sivumelene nabafwethu engisebenza nabo ukuthi kulo nyaka sizokwazi ukupika siphinde sipikwe abanye ozakwethu abanesifiso sokusebenzisana nathi uma kunengoma abafisa sivele kuyo."


"Ziningi kakhulu izingoma ezifikayo manje emqondweni, kukhona engifake iclip encane yayo ezinkundleni zokuxhumana ekhasini lami. Zikhona nezinye engibona ukuthi kumele ngizidlalele abathandi bomculo wami. Maduzane ngizomemezela izinhlelo enginazo zakulonyaka." Kuphetha uSphuzo.