Goto News >
Search..

Goto News
Uzoshaya ingoma noDeborah Fraser

UKhuzani umfoka Mpungose usemathubeni okuphinda asabalalise ikhono lakhe. Le nsizwa ipikwe umculi osemdala kakhulu endimeni yomculo uDeborh Fraser ukuthi azocula ingoma naye. "Ngichazwa ikhono elikumama uDeborah Fraser. Ingoma yakhe nomlayezo akasuke ewudlulisa ukhuluma nomuntu ngqo." Kubeka uKhuzani.


Ekuzwa lokho umama uDeborah uthokoze kakhulu emoyeni wakuveza ukuthi uyawuthanda naye umculo kaKhuzani. Akagcinanga ngokuncoma umculo kanye nekhono lakhe kodwa ucele ukuthi beshaye ingoma ndawonye.

"Ngedlulisa amazwi okubonga enganeni yami uKhuzani Mpungose. Sekumele siyidudule naye ke manje ukuze kufezeke izidingo zethu. Kunengoma engicabanga ukuthi uzongena khaxa kuyona. Le ngoma isihloko sayo sithi 'INHLAMBULUKO.' Inhloso yami ngale ngoma ukugqugquzela abantu ukuthi behlambuluke manje. Ngiyabonga kakhulu kuKhuzani ngifisa uNkulunkulu angigcinele yena amphakamise."