Ziqhathwe kahle kule weekend ngoba ziqhathwe kumabonakude, zindala zombili. EyaseMdletsheni neyaseMandaba, wena uhamba nayiphi? Igxamalazile ingqalabutho kwezokushaya ushameni ngoba iwushaye Mandaba maqede yawushaya eMdletsheni maqede yaduma ezinkundleni zokuxhumana. "Ngabe ngisakhona eMandaba kodwa akekho ongamela indlala." Kusho uTekisi.
"Kuliqiniso elingephikwe ukuthi ngizobonakala kuwona omabili amaShow azobe eqala ukuvela kumabonakude ngale weekend. Imina ngedwa futhi igidangoma elizovela kuwona omabili, seningasho yini pho nithi ngiyinkosi yamagidangoma? Ngizovela ngoMgqibelo kwiShow yeGcokama. Ngizophinda ngivele futhi ngeSonto kwiShow kaKhuzani." Kuqhuba yena.
"Kodwa ukuvela kwami akusho ukuthi ngibuyela kuKhuzani cha lutho mbhemu ngisewumdlali weMdletsheni FC. Ngizovela ngoba ngifuna nibone ukuthi sihambe yiphi indlela noKhuzani nokuthi ngahamba kanjani ngihanjiswa yini futhi, angani le show izoveza amaqiniso odwa ngempilo kaKhuzani? Okay kunjalo ke. Ngizovela kweyeGcokama ngoba vele kula ngigeza khona njengoba ungibona ngicwebezela nje. Ashila demed!! Fuseg Wethu!!"