Goto News >
Search..

Goto News
“Walivala nje izwe siyatapha”

Badinwe bagane unwabu abalandeli bakaNgizwe naknye nayo le ngqalabutho kwezokusakaza eyazakhela igama lingakagcwali umoya ijazi Okhozini. Kunamahlebezi athi uRamaphosa uzolivala izwe mhlaka 28 November 2021. Ekuzwa lokho umfoka Macingwane ungene ezinkundleni zokuxhumana wakuveza bukhoma ukunganeliseki kwakhe ngokuvalwa kwezwe. "Zidedele nduna kumane kufe ufayo okungcono. Nidliwe ukhetho nina benibamba amalali kugcwale izinkundla ibikuphi ikholona?"


"Namhlanje ngoba sekusondele izinsuku zebhizi seqamba lamanga enu nithi ziyenyuka izibalo? Sikhathele ngempela ke manje inina sikhathele uhulumeni." Kubeka uNgizwe umfoka Mchunu. Beqeda ukubuka le video kaMadingwane abalandeli bakhe basho ngazwi linye bathi elethu. 

"Uma nje wathi pee ngiyalivala lelizwe nginibeka kulevel 3 noma level 10 asinandaba siyangena ezitolo siyakuphinda lokho. Sikhathele ukuhlupheka manje ebe ebusa yena nomndeni wakhe silambile thina. Ukuvalwa kwezwe kusho ukweswela kwethu nemindeni yethu. Ngeke siyivumele lento eyenzeka ngonyaka odlule sihluphekiswa ngoDisemba kodwa bebe bebusa bona esabavotela. Walivala siyatapa." Kusho abalandeli bediniwe.