Kusuke izidubedube kwashunquthuli esigodlweni sakwa Khangelamankengane abanye bephikisana nokuthi u Misuzulu Zulu abe Yinkosi. UmisiZulu uphume ngesamagundwane egadwe ngezinhlokohlela zezibhamu. Enye intatheli nkosyami bayshaye ngempama ibuzwa ukuthi ubani othe akathwebule inkosi entsha
UMisuzulu uyindodana yokuqala yeMbube uGoodwill Zwelithini neNdlovukazi. Encwadini yefa kuvela ukuthi yiSilo esaqoka iNdlovukazi uMantfombi encwadini yefa eyalotshwa ngo-2016 ukuthi athathe ubukhosi uma sesikhothama. INdlovukazi ibe isiziqokela uMntwana uMisuzulu ngoMashi nonyaka ukuthi kube nguye ozoba yiSilo esilandelayo.
“Uma engaphumeleli uMntwana uMisuzulu, ngibeka noma iyiphi enye indodana yami ukuthi athathe isihlalo sobukhosi. Bazokhetha ngokuvota phakathi kwabo ukuthi ngubani ofanele ukuba sesihlalweni,” kuso incwadi yamafa.
Kusuke umsindo amhlanganweni obuhanjelwe abantwana bonke kanye namanye amalungu omndeni kubangwa yona indaba yefa kwakhishwa abezindaba Kwakhangelamakengana. Umsindo ususwe wuMntwana uThokozani ophakame kusanda kuphothulwa ukwethulwa kwencwadi yefa esola iBambabukhosi ngokuhluleka ukwenza umsebenzi abewubekelwe.