Ngizwe Mchunu, "Shayelani ihlombe Igcokamelisha ngane zakwethu, shayelani umfokaKuphosakwenyani ihlombe, iAlbum eshisa kakhulu futhi ngokwami iwadlula wonke amaAlbum akhiswe ngo 2020, mina angesabi muntu ukukhuluma iqiniso, angincengi, angincengi-nje....angincengi, hawuuu ngihambe ngishalaza ngishalazela Izinja-nje....ayi khohlwa", iqale laphoke lendaba.
READ: Basaba ukubizwa uNgizwe ngezishiphi live
"Bengisacela zingane zakwethu kulomuzuzu omncane nje, ngicela uDokotela uKhehlelezi noMaZulu basondele estage eee ngokuhlonipha mina, umzuzu owodwa I am not gonna be more than 10minuts, ngyacela MaZulu sondela Mageba", kuncenga yena njalo uMlando aze asebenzise ngisho nesilungu. Uthe usaqeda kubhuqa uDj Happy Girl ngesilungu eqeda kumudelela ngesudu yakhe uHappy ebekade eyigqokile kwabe sekungena uKhehlelezi kanye noMazulu.
"After a very long time abantu, ee kuyangisiza nakho lokhu kungabi nama social media Khehlelezi", ebhuqa uMacingwana ethi akanawo ama social media kodwa ebe trenda kangaka kuwona. "Ngizwa ngabantu ee ukuthi, ai akenihloniphe, umuntu oze layikhaya ezohlonipha uKhehlelezi ake athulek manje,oze ezohlonipha uProfesa Dr Khehlelezi kanye noMazulu ake thuleke manje, ee angizunkanta la angikhankaseli ukhetho 1 minut ngiyacela bafwethu", abantu bese bengasakhuzeki kalula kwazise bese kudlekile kwabangi.
"Manake Happy Girl, I am happy you are here, you are our witness, ee bafwethu just 1 minut, angifidwe muntu mina ngiyilento engiyonanje, I am original, angincengi muntu, angincengi nalapho ekade ngiphuza khona ngayizolo Fusegi uma kufanele kube ufusegi uyezwa mfwethu...., uma kufanele kube uThank you, thank you, being original is being God himself".
"Nyangizwa ukuthingithini, because if are made by image of God you must be original", kugijima lona njalo iChunu ngojoji. "You fake, you out, ake nithuleke, ama original azothula kodwa ama fake azokhuluma, bafwethu ngiyabezwa abantu bathi uNgizwe uya trenda kuphi kuphiko thwitha ko tiktok, mina Ngizwe uMlando wakwaMchunu odabuka eNkandla, ngisho abantu abangifonelayo abangikhuzayo, uthole ukuthi bathi hayiiii bekungafanele ubeke kanje, ngithi mina khona uyazini ukuthi lelibhethi egirecieva ngalo kule cell phone ngishaje ngani", uNgizwek loyo.....
"Ungazongi hhemela, ngithi mina phansi ngama Ambulense phansi.....phansi ngama breeakdown phansi..., omaqamuka sekonakele, we want people like Khehlelezi, mina ngizonitshela iqiniso, ngifuna ukubonga uKhehlelezi noMazulu ukuthi mina emlandweni ee wokuxoshwa kwami emsakazwe uKhoziFm, ee nokuba nezinkinga zami lapha nalapha, lensizwa, ngifuna ukusho ngesiZulu esiqinile, Khehlelezi uhambe nayo isithethile, ngesizulu kusho ukuthi you have been with me during difficult times".
"Ngibonga lensizwa ngokuthi ikwazile ukuhamba nami, insizwa engingesabi ukuthi ngikhulume nayo um kukhona engikudingayo, wena ongakaze ungisize ngalutho ake uthule nje uthi duu, ishiphi azithule, ngoba uma nginenkinga nginganawo uphethiloli angesabi ukufonela lensizwa ngithi ayingifakele uphethiloli.....usuke ukuphike wena sishiphi okhulumayo....uzokhomenta ngokutrenda kwami kodwa awukazi ungisize ngalutho.....fusegi....into engikutshela yonake, umuntu uphila nabantu aphila nabo, angaphili nabo fusegiiiiii", lawoke amazwi eChunu.....