Goto News >
Search..

Goto News
Wenze into enhle uyibuka-nje kodwa akanganakwa

UMthandeni Igcokamelisha Manqele elaziwa kakhulu ngezinto ezinhle nangesitayela emculwena omkhulu odlula yonke imiculo okuthiwa uMaskamdi. Lomculo sithi mkhulo ngoba awukho ngisho nowodwa umculo olinganiswa nawo ngoba nakumincintiswano awusekho umculo omelana nayo, abaculi beminye imiculo sebeyesaba ukungenela imincintiswano noMaskandi.


Sizobonga kakhulu ubaba  uPhuzushukela Ngema ( Mudumlungu mudujenene) eNkandla ngokuphokophela kwakhe ngalomculo ngezikhathi ezinzima zobandlululo, siphinde sibonge ubaba uBhodloz'umuntungewisa Nzimande kanye noTalagu (Tshathugodo no Ngizwenkosi Mchunu) ngeqaza elikhulu kakhulu lokufaka lomculo ebantweni, namhlenje awuvimbeki ngenxa yabo. Angeke sikhohlwe iUmgqumeni kanye noNdidane Gcwensa ngeqaza labo lokwenza izinto ezithandwa ngabantu ukuze bagcine bethakasela lomculo wethu wesintu.

Lendoda yakwaManqele ithenge enkulu inkabi yenkomo ukuyovele ekhaya elikhulu lesizwe sikaMageba emmva kokulahlekelwa uBhejan'ephum'emesiqiwini njengoba lendoda yayingakwazanga ukuba khona ngelanga lokutshalwa kukaMdlokombane. Uma ichaza ngokungabibikho kwayo ithi yayigulelwa isalukazi sayo nokuyisizathu esizwakalayo. Abaningi bebebheke ukuthi izotrenda ngalesi senzo sayo kodwa kwavele kwaba idlanzana labalandeli balo abakunothisayo lokho.


Izolo ohlelweni lukaSgiyangengoma abaningi bebebheke ukuthi kuzokhulunywa ngalendoda yakwaManqele kodwa lutho, ukunokuthi bakhulume kahle kodwa kuzwakale intatheli yoKhoziFm ikhuluma ngolimi olungaqondile kahle olugudla sona lesi senzo kanye noNgizwe Mchunu ngoba ithe, "kuyikhona yini ukuthi kube khona abantu abazenza izincelebane ngokuyozincengela kwaKhethomthandayo ngokuthi belokhu behla benyuka khona", lawoke amazwi kaBongani Mavuso.