Goto News >
Search..

Goto News
Zadumelana uNgizwe noQhosha

Uyinyathele emsileni uNgizwe Mchunu. Uthinte kabi ngoba uthinte uQhosha, umuntu wama clip. "Ngathi ngangazi ukuthi ngelinye ilanga ngowadinga lama clip kaNgizwe engicela izimali maqede engazibuyisi. Buka namhlanje ngiliphenyile ibheshu." Kutalabha uQhoshangokwenza kwakhe umfoka Sibisi.


Indaba iqalwe uyena kanye uNgizwe etalabha uQhosha embiza nge-roll on kaKhuzani. Akachithanga sikhathi uSwelibhulukwe ngoba uvele wayiphendula ngokushesha leyo ncwadi. Unanobufakazi bokuthi akakze alambele kuNgizwe kodwa uyena uNgizwe obehlala ecela izimali kuQhosha. "Ngicela ungizame ngemadlana encane kunomuntu esengimfake kwi-flight manje angiholanga emsebenzini." Kucela uNgizwe kuQhosha.

Usinyelileke isihlahla sendlela wakhuluma amagama aziswana wawabhekisa kuQhosha, kwaba uyithinte emsileni. Kumanje kugcwele amaclip kuzona zonke izinkundla zokuxhumana ephendula ekaNgizwe uQhosha. Kulama clip umtshela emehlweni ukuthi akalutho wayengcono nakuqala eseyiroll on kunamanje njengoba eseyiroll on ephuphile engasenalo ngisho iphunga.


"Ngixakwa ukuthi uthi abantu abazwana nalomfana wangakubo bayaphupha. Ngamanye amazwi ufuna ukuthi ngoba ephuphile nje yena uphuphiswe ukuthi wayezwana nomfana wakubo?"


"Okobulima kuyangixaka ngoba nginane clip kaNgizwe echaza ukuthi sengikwenye ilevel kwezomculo. Ethi ngeke belunge kimina ngoba ngihlakaniphile. Namhlanje usethi ngiyisilima nginamalini ngiyihlathi lase Showe. Angazike ngoba uthi nginamalimi kodwa kube kunguyena ohixiza kakhulu." Kuqhuba uQhosha.

"Ngichazwa ukuthi kuyavela ukuthi uNgizwe akasondelani nomuntu ingekho into akafuna ukuyizuza ngaye. Kuneclip la ethi angifake uMphako enkantolo ngoba wangithuka kabi kwelinye lama album kaMthandeni. Ngenqaba ukumfaka enkantolo ngakhetha ukuzithulela kodwa yena wayengiphusha ethi angimfake ukuze ngizovelela kakhulu ngibhalwe emaphepheni ukuze ngizoduma kakhulu kukhuphuke negama lami." Kuqhuba uQhosha.


"Namhlanje usengibiza ngesilima ekubeni kunguyena owayebona ukuhlakanipha kimi. Angikhohlwa mhla engixosha kabuhlungu eCurries Fountein emcimbini wakhe ngizmeseka kodwa yena wangixoshisa okwenja ethumela oMfanuphetheni wathi abangangifaki estage ngoba ngizwana kakhulu nalo mfana wakubo."


"Ubuphixiphixi bakhe buyaxaka ngoba kwakungakapheli nasikhathi esingakanani engithuma ethi angibophise imbangi kaKhuzani. Sekuyaba kuloya mcimbi wakhe sekunguyena oseyikhothamela oseyikhonze njengothixo, sekuyimina futhi esengimubi. NoKhozi lwaxosha into yokuxoshwa laphana, azikho lo ndaba kuloya mbhemu nesiteshana sakhe. Lapha ngifuna izwe lonke libone ukuthi noma ngabe kuyiqiniso ukuthi ngiyakhwixiza kodwa yena uyisibonelo esikhulu sokukhwixiza."