Goto News >
Search..

Goto News
Zatholana phezulu Igcokama noKhuzani

Ukhozi FM 2020 Top 10. Seludedele ihlu lwezingoma ezilishumi Ukhozi FM ezizovotelwa ukuze kuzoqokwa ezonqamula unyaka. Okufike kwajabulisa abathandi bomculo kaMaskandi ukuvela kwamagama abaculi ababili abathandwayo kule ndima okuyiGcokama elisha 'Amageja' noKhuzani 'Ijele'.


Kumthokozise kakhulu uKhuzani ukuthi bazobhekana ngqo yena nembangi yakhe enkulu Igcokama elisha ukuze kuzobonakala ukuthi ubani ongenhla komunye ngokuthandwa nokuvotelwa. "Lwaze lwangisiza Ukhozi ngale Top 10." Kusho uKhuzani.

"Kade kwaba isifiso sami ukuthi sike sidibane futhi nale ndoda ngoba isihlala ingibalekela phela njalo nje uma siqhathiwe iyabaleka yona. Akukho ke ukuhlehla nyova manje ziqhathwe kahle ngoba ziqhathwe abathandi bomculo ngama email abo."


"Akukho ke ukubaleka la akukho futhi nokuphuma. Ngithi nje bopha bhawodi." Kubeka uKhuzani.


Sekusemahlombe abathandi bomculo ke ukuthi bevotele ingoma ababona ukuthi kuyifanele ukuthi inqamule unyaka. Kukhona nabaculi ababhekiwe abangawenza umehluko abafana noBig Zulu, uNomcebo Zikode, Kelly Khumalo nabanye.


Uhlu lwezingoma ezingenile kwitop 10 ilezi:


Kelly Khumalo - Empini, Azana - Your Love, Dj Hlo - Festive, Big Zulu ft Ricky Rick and Intaba yaseDubai - Imali eningi, Mapara A Jazz ft Ntosh Gazi and Colano - John Vuli Gate, Igcokama elisha - Amageja, Soa Matrixx fr Shaun 101 and Soulfull G - Uthando, Khuzani ft Luve Dubazane - Ijele, Nomcebo Zikode ft Master KG - Xola moya wami, MFR Souls ft Major League DJZ - Amanikiniki