Alukho usuku oluphela lingaphathwanga igama likaPolo umfoka Makhoba ezinkundleni zokuxhumana. Le nsizwa yaganwa kuqala kuneGcokama elisha kwaba iyinyathele emsileni. Indaba ingengoma noma i-EP akayikhipha ngonyaka odlule emveni kokuthi eshiyile kwiGcokama elisha wakhetha ukuzimela.
Insizwa edume kakhulu kwezokuxhumana uGamelihle uthi kungani lo mfana enakwa kangaka ekubeni bebaningi kanje abaculi abashaya udaka la endimeni. "Mina ngifisa ukwazi ukuthi kule EP ethi Amathemba kukuphi la ebhimba khona njengoba ethukwa mihla namalanga nje kuthiwa uyabhimba kanti futhi nengoma yakhe incane ingangento kaCevuzile." Kubuza uGama.
"Maningi kakhulu abaculi abacula amanga la endimeni kodwa bathola ukwesekwa khona kunjalo. Kungani kufike uPolo bese ethukwa kangaka noma benilindele ukuthi uzoba igidangoma kuze kubuye uJesu? Ngibuza ngoba bona kanye laba abebethi uShilisi uyazilulaza uma elokhu agida namanje, kanti ubani okumele abuye azimele, ubani futhi okumele aqhubeke agidele abanye abafana?"
"Ngimangazwa ukuthi akazange alithuke Igcokama nakuba ashiya kulona. Kungani pho ethola izinhlamba ezingaka ekubeni wakubeka kwacaca ukuthi akukho okumxabanise neGcokama kodwa ubone sekushaye isikhathi sokuthi azimele naye njengabanye abafana abaphumayo uma sekushaye isikhathi."