Goto News >
Search..

Goto News
Ugxeka Igcokama ngokulamba kukaNgizwe

Sibuye ngmkhwezeli isikhuni koMacingwane. Intokazi eyaziwayo kwezomculo wesintu uWelile Mchunu, nongumlandeli wokuqina weGcokama elisha umangaze abaningi ezifaka zonke enyameni eqhaweni lakhe. Le ntokazi igxeke ubhuti wayo uNgizwe ngokubhayiziswa Igcokama waphinde wagxeka lona kanye Igcokama ngokudlala ngobhuti wakhe.


READ: UKhuzani unesandla ekuhlukaneni kwezitabane


"Ngidinwa ukuthi uNgizwe ilokhu ahamba kuKhuzani wakhetha ukuchema neGcokama akakaze afake ngisho isaka ekhaya. Koba nini elokhu elandelana neGcokama ekubeni limbulalisa ngendlala? Kumanje ubhizi ulandelana nalo noma ngabe liyaphi kodwa ikati lilelel eziko kuyena. Ubeyofunani nje kwaNxamalala? Uma kukhona akakutholile ngalokho akakubeke phela etafuleni sikubone."

"Mdala kabi uNgizwe uma engaka. Akukwazi ukuthi engalokhu elandelana nomunye umfana ekubeni ebona kahle ukuthi kwenziwa yena isilima. Mina ubulima bakhe ngabubona mhla eshintshanisa izimbangi nami ngalandela kanti ngizishayisa ngakhanda ogodweni. Kwayena lowo Mthandeni kungani edlala ngabantu abaphila naye?" Kugxeka uWelile Mchunu oshiye akangalazi kubhuti wakhe noMthandeni Manqele.


READ: Kubhuntshe amalobolo kowaqoma kufacebook