Goto News >
Search..

Goto News
iyashuba ekaMroza noMkhathazi

Zigawulwe zabekwa ezikaMroza. "Ngithulile abantu bethi Ngiyahlanya. Ngathula abantu bebhala izindaba ezinde ngami ko Facebook ngegama lami ngibe ngingekho mina la, bebe ngapha bengifonela bezenza abangani bami kodwa abantu bengikhombisa imibhalo yabo. Ngathula ngivalelwa emicimbini yonke emikhulu kuthiwa ngiyaphuphiswa." Kubalisa uMroza.


"Ngathula kudliwa amandla ami ezingomeni. Ngathula ngivalelwa emsakazweni. gathula ngithola izincingo ezingisabisa ngokungibulala. Ngathula bengithakatha bethi bayangivala bafuna kuphele ngami. Ngathula Ngathula Ngathula ey kuningi. Ngicela ukudlulisa ukuxolisa kuwo wonke umuntu ogxobekile enkulumweni yami edlule kodwa izinto ezenzeka ezimpilweni zethu kuthunywa abantu ukuthi bezongithuka kuyazwela nakimi."

"Mina angiyena umuntu wodlame futhi ngithanda wonke umuntu futhi akekho umuntu engingeke ngingasebenzi naye uma ethi asisebenze, ngoba angikaze ngixoshe muntu, kusuka kudala ngithule ngoba ngithi mhlampe izinto zodluliswa kususwe nabantu abaxova izwe ukuze kujabuliswe abantu kodwa kunalokho ngalokhu ngithukwa nje mina ngisatshiswa mina."


"Manje sengizinakele umculo wami sengizikhiphela ama Ep ama Single, Album njengoba ngikhiphile nje ngo December nango January futhi sengiyiqedile ne Album sengilinde kuvulwe izwe nje, abantu futhi bangeseka njalo abangilahli. Pho mina ngilwiswe lwani uma ngizenzela into yami?"