Selivele layidedela Ithwasa lekhansela iSingle track esihloko sithi 'Izinyembezi Zenjabulo.' Iyatholakala kumadigital kule link: https://ampl.ink/eEJo0 Ngeke uzisole mthandi wengoma. Njengoba ulazi leli qhawe ukuthi umlayezo into elazalwa nayo.
"Ngivele ngibone ukuthi ngisasalelwe icala nami lokunakekela umkami ngingafani nobaba wami ngoba ubaba wami wayemhlupha umawami. Angifuni nokuzibona izinyembezi zomuntu okhalayo, ngifuna izinyembezi zenjabulo." Kusho ingoma.
"Ngahlangana nomunye usisi ehamba ekhala ngathi mina ukhalelani sisi wathi ngishywa yiyo le ndoda yami uma ngithi ngicela iziwashele ngoba mina ngiyagula." Akumlayezo kuyafiwa mthandi wengoma.
"Bangabantu nabo abantu besifazane asibanakekeleni." Ngkulandela le link engenhla, uzobe usuzitholela le ngoma ezovimbanisa kulo nyaka ezindimeni zomculo kaMaskandi.