Goto News >
Search..

Goto News
Usungule umdlalo wokugqozela iqhawe lakho

Isipoki esingafi siyingxenye yalo yalo mdlalo obizwa ngokuthi GQOZELA IQHAWE LAKHO. Echaza kabanzi uMfanie Ichophasi uthe noTshatha ungomunye wabantu beqembu likangilokothe elizoqinisekisa ukuthi lo mdlalo uba impumelelo. "Umdlalo wethu lona othinta kakhulu abalandeli bomculo wesintu u Maskandi siyazi sekukaningi nixhasa amaqhawe enu acula umasikanda ngayo yonke indlela enifisa ngayo." Kubeka uMfanie.


"Ingakho siye sahlala phansi sabona kufanele kube khona imidlalo kachithisizungu ezokwenziwa ngabalandeli Bondwa kodwa beyenza bebambisane nomculo wesintu.  Sizoqala siwufunde kulo leli page lomdlalo akusiwona umdlalo onzima ukungqozela nje ingoma sibone ukuthi wena mawuzijabulisa ngokulalela umculo ka Masikanda wenzenjan sifuna ukukbona lokho bukhona ukwenza."

"Akudingi mali kudingeka wena nefon yakho nengoma yeqhawe ezobe ikhethiwe ithimba likangilokothe amadoda amakhulu. Amajaji azojaja kuzoba kuyinina balandeli futhi ukuthi nijaja kanjani nizobona mase sifunda ukuwudlala lomdlalo. Sizokhipha inumber esizoxhumana ngayo ukuze ukwazi ukuthola umkomelo wakho nengabe usuwinile."


"Abukhethiwe ubulili Noma ngabe ungubhuti sisi wamukelekile ukudlala. Ngomngqibelo ngesabatha ilanga limi ngo Tshatha no Zimdoler ngo 13:00 emini sizonithulela imibukiso emibili esizobona khona ukuthi yini lenunu abathi Gqozela iqhawe. Sezimi ngomumo izinsizwa ezizosikhombisa umdlalo wena ulungise idata ngesabatha lona leli lakusasa uzobona zibulalana bukhoma."


"Izingoma zokufunda sezikhethiwe zikhethwe ithimba likangilokothe okuzongqozwa ngabo masiqala ukufunda makuqhubeka umdlalo inina balandeli enizokhetha izingoma zokungqoza Ngoba umdlalo owenu.  Kukhethwe Labantu:

              1. (Ngxalothi no Maseveni - Amatulutulu)

               2. (Khuzani Mpungose - Isipoki esingafi)"