Goto News >
Search..

Goto News
Uzisholo yena ukuthi uyimbexe mbexe

"Kusuz' umfaz' omkhulu la kusuz' imbexembexe". Kwasho Igcokama elisha ezibongweni zalo engomeni yangonyaka ka-2020. Bazithanda kakhulu abathandi bomculo lezi zibongo bavele bazibona zifanele omunye ongumlandeli omkhulu weGcokama, ophinde abe usisi kaNgizwe Mchunu ogama lakhe linguWelile.


Le ntokazi ihlale ithola yonke inhlobo yenhlamba ongayicabanga ngoba nayo iphila yona impilo yokuthuka abaculi ikakhulukazi uKhuzani Mpungose.


"Bengithi nje angiwabingelele amabhinca ukuphuma kwelanga bese ngizicelela ukuthi engahazise ngenhlamba ngiphelelwe icala. Phela sekwaba amahlala khona kithina sesaphila ngakho lokhu asisenandaba nakho, angan zithanda umgodi onukwa zingcanga zonke lezi ezihlala zingethuka. Kusho mina Imbexembexe."

Isho lamazwi le ntokazi yakoMacingwane kwaba sengathi izithintele emabhinceni. Avele enza njengoba kade ecelile uWelile, kumanje uyazisola ngesenzo sakhe. "Vele wena uyimbexe mbexe wenza kahle wemukele ngoba vele uyiyona. Wake wambona unkosikazi womuntu ongaka obhizi othukana nabaculi kofacebook. Yingakho kungathi izinto azihambi kahle kwezomendo kuwena ngoba vele unje." Kubeka enye insizwa ithuka le ntokazi.