Abasawudonsi no-amen. Abasasho ukuthi Hhhaaaaaameeeeen!! Uma besethempelini kodwa sebemane bethi Amen. Angan aphithene amakhanda, akukuhle neze ngaphakathi, inkulu indaba ingengoma kaKhuzani 'IJELE'. Indaba yoniwa izona kanye iziphathi mandla zaleli bandla ezingabagcotshwa abakhulu benkosi Unyazi, ezayiqala kancane le ndaba yokuthi uma zisenkonzweni zimane zivumise ingoma ethi umshado akulona ijele.
Emasontweni adlule kusabalale ivideo ezinkundleni zokuxhumana, lapho elinye lamathempeli eliseMtuba kuvunywa ingoma kaKhuzani phakathi valiwe izihlabelelo ezilokhu zasetshenziswa kusukela liqalwa leli bandla. "Siyawukhuza kakhulu lo mkhuba owenzeka emathempelini sithi ziningi kakhulu izihlabelelo esinazo esazinikwa ubaba uMqaliwendlela. Zinezingoma ezingaphezulu kuka 200, angazi yini lena esiyenziwa manje, abavangeli nabashumayeli nabakhokheli ibona kanye abaqala izingoma zobumnandi ngaphakathi emathempelini kababa." Kukhuza umfundisi uNtombela waseBuhleni.
"Akuvumelekile ukuthi kuculwe izingoma zobumnandi emathempelini oNyazi lwezulu. Lokhu sikubiza ngebhadi nangomkhuba omubi owenzeka ngaphakathi ngoba siyakuqala thina lokhu. Sicela amabandla onke kuwona onke amathempeli aqinisekise ukuthi iyayekwa lento yokuthi kuculwe izingoma zobumnandi ngoba iphambene nomthetho wesonto." Kuqhuba yena njalo uMahlobo ediniwe.
Ebuzwa ngokuphawula kwakhe uKhuzani ngale ndaba, uthe naye siqu sakhe ungumuntu wenkolo yobuNazaretha. Uyakuqonda ukuthi abantu bayamthanda ngaphakathi enkonzweni kodwa ucela belalele uma bekhuzwa ngento engafanele ukuthi yenzeke.