Ungene ngendov' yangena umfoka Kuphosakwenyathi emcimbini wenyanga thizeni ebimbizele ukuthi agcoke kahle nje bese ethi fuseg wethu maqede akhale emuke no 15k. Indaba yonakale la esethi akawagideli amasimba yena engamane athuke inhlamba maqede awahole kunokuthi awagidele, esho lo 15k. "Ngigidele amasimba mina lawa" esho ewakhomba esondela ngase bhoshi.
Akwehlanga kahle kubalandeli abadela uR70 wokugcina beyothenga amacwecwe ale nsizwa esithe ngoba izibona isiphumelele empilweni yase ibukela phansi imali yagcina iqhoshela bona kanye abantu abayithathe ingelutho ngama R70 bayibeka la esikhona manje ngokwempilo.
"Abalandeli beqiniso bakho mfokaManqele kuzomele bakubonise ngoba inkinga yethu thina balandeli siyahlomekisana kwesinye iskhathi. Kahle kahle lenkulumo yakho ayidodile inokulumela kakhulu nkabi noma ngabe uzibona usuphumelele kanjani kodwa ungakhohlwa ukuthi kukhona abantu abaswele ngalendlela yokuthi abanalutho lokhu kwangampela kodwa uma ukhiphe icwecwe bancamela ukuthatha loyo R70 wokugcina mhlampe bathenge icd yakho." Kubeka uSkhumbuzo Buthelezi egane unwabu oluyimpumputhe.
"Ngakho lo R15 k owudelelayo namhlanje ukube uwumuntu okwaziyo ukubaluleka kwabalandeli bekumele okuncono uthi uzowuthatha unikeze noma oyedwa wabalandeli bakho abahlwempu hhay ukuthi uwubize ngamasimba,okunye kuwukubukela phansi abanye abantu lento oyenzayo kukhona abawudinga ngampela qhawe lo R15k owudelelayo namhlanje."
"Angilwi Duyaza kodwa ngizofisa nje abalandeli bakho beqiniso bakufundise indlela yokuziphatha kusemhlabeni la,ungalinge ubukele abantu phansi ngoba ikusasa alaziwa ngiyabonga ithuba." Kuphetha yena umfoka Shenge.