Goto News >
Search..

Goto News
Engase asuswe kuSgiya ngengoma uTshatha

Okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo ekuqaleni kwenyanga, ukhiphe isitatimende lapho edalule khona ukuthi kuthathwe isinqumo sokuthi uTshatha angabi semoyeni kuze kube ukuphela kukaMashi. Lo msakazi usakaza uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto, Isidlo Sasekuseni nolwangemiGqibelo iS'giya Ngengoma.


Imithombo ehlukene yabezindaba, iveze ukuthi uTshatha uzoncishiselwa izinhlelo kulo msakazo. Kuthiwa uzothola uhlelo olulodwa noma ezimbili futhi ngeke esabuyela kolwasekuseni. Omunye umthombo uthe uzofakwa ebusuku kanti omunye uthe uzongena ebusuku aphinde engasabuyi nakuSgiya Ngengoma.

Kuvela ukuthi ngenxa yokuthi akasebenzi ngeke ahole. Ekupheleni kukaJanuwari uhole umholo kaDisemba futhi kule nyanga kulindeleke ukuthi ahole uhhafu kaJanuwari awusebenzile. UMmoni ugcine engayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona ngoLwesithathu ntambama. Izolo ucingo akalubambanga futhi wangawuphendula nomyalezo athunyelelwe wona.


Okwaqhatha uTshatha nabaphathi umbhalo wakhe owawuthi: "Ngo-2005 empeleni kwaba uShwi NoMntekhala owadla ubhedu ngalowo nyaka! Unyaka wawuhlukaniswa yimina noLinda Mr Magic (Sibiya) ngalowo nyaka. Kwaba nesizathu esaholela ekutheni kube iMalaika ehlukanisa unyaka, uShwi walala isibili. Ngoba kwethusa ukuthi umaskandi agile izimanga ezagilwa uShwi."


Waxolisa ngalo mbhalo ekuqaleni kwenyanga ethi walimaza igama leSABC noKhozi FM. Kwenzeka lokhu nje, uSizwe Dhlomo usanda kususa ukukhuluma kuTwitter ngombhalo wakhe othi "Ukhozi olumaphikophiko." Abalandeli bakhe bayitolike ngokuthi uzosakaza kuKhozi abanye bethi bakubheke ngabomvu ukufika kwakhe.


BY ISOLEZWE