Goto News >
Search..

Goto News
Bagxeka uThuthani ngokuveza amahlazo

Usephenduke intshukwa ntshukwane umculi osemncane oshaya ushuni weBhova unjengoba unjalo. Insizwa eyafika ezindimeni zomculo yangawushaya kodwa yawuvamba ushuni kaMgqumeni, ikhiphe ingoma emnandi kwaba izithintele kubalandeli. Akugcinanga kubalandeli kodwa kugcine sekungena nonjiniyela owathatha intombi yakhe wayifaka ehhotela wayihloma ihleza.


Uvele wamehla ngenhlamba uMdumazi ecasulwa abathandi bomculo ezinkundleni zokuxhumana kwaba uyinyathele emsileni. Le nsizwa yakwaNdlovu ivele yaveza okuningi okucashile okungaziwa muntu ngale ntombi kaMdumazi eyabizwa uNjoko nge take away. "Akuntombi isidwedwe leso." Kusho uThuthani.

Uyimoshe eseveza nabanye abaculi abake basibeka isandla ephentini lale ntokazi, okugcine kuvela namagama oDlubheke, noFalabo nabanye. Bekuzwa lokho abathandi bomculo bamgxekile kakhulu uThuthani.


"Kungani efaka abantu abangahlangene nezimpi zakhe manje? Usehlulekile kuMdumazi useveza amahlazo esingadinge kuwezwa thina. Ukufaka abanye abaculi ezimpini zakhe kungubuvaka. Kuzomele afunde ukuzilwela izimpi zakhe uThuthani noma ngabe kukhona akakwaziyo ngale ntokazi akalwi ngabanye abaculi."


"Kuzomele akhumbule ukuthi ungudriver wenqola yena. Baningi abaculi abamdingayo ukuze umculo wabo uzoba mnandi. Uma yena esezogadla ngabo ezimpini zakhe lokho kuzomakhela amazinyo abushelelezi kanti bayamthanda abaculi." Kubeka uSakhile.