Selivele ladedela isitatimende Igcokaamelisha,"Losisi angiqali ukububona, ngingathi-nje mina nanye siyazana kakhulu nje impela. Ngimazela Emlazi e17 kwa T Hostela. Ngaleso skhathi losisi wayekipite nensizwa yaseMakhabeleni uFihlezakhe Mnomiya, abaningi bayayazi yayingumnganwami omukhulu kakhulu lensizwa ngisafufusa. Kodwa ngeshwake uNkulunkulu sewavele wasephuca yona, seyashona", kuphawula uMthandeni ngokwazana kwakhe nalentokazi yaseMabomvini ephethe uhlelo kuMbuso Wamaciko.
"Ngifisa ukwazi ukuthi kazi konakelephi kuyena losisi ngoba phela ngangisemncane ngalesiya sikhathi futhi angikhumbuli ngisho ngibapopola uma bezitika ekamelweni, namhlanje ngiyamangala uma losisi esesebenzisana neviyo lezitha zami zomona. Baphume umkhankaso wokululaza igama lami emphakathini ngaphandle kwesono", kuqubeka uMthandeni ngemumva kokuba uMbuso Wamaciko ubize abafana abathathu ababesebenza noMthandeni ukuzobabuza imibuzo ngezimpilo zabo kanye nokusebenzisana kwabo noMthandeni nokuxabana kwabo.
"Ngiyakuqonda ukuthi oMaskandi abaningi basemuzabalazweni wokuhlasela ubukhulu nobuqhawe bami endimeni, kodwa ngiyacela ukuthi uma befuna mina abaqonde kumina ngqo bayeke ukusebenzisa izingane zabantu ezingenacala bezikhulumisa amanga anyanyisayo ngegama lami ngoba zizonyanywa ngabantu for nothing. Kumele samukele ukuthi nami isikhathi sami nami lesi sokuthi ngibuse, musani ukungihlanganyela nonke kanyekanye wozani one by one, musani ukubhuduzela, nizongifundisa ngenkani lento yokuputshuza izindaba", kuphetha iGcokamelisha...