Uzofuxaza iMamelodi Sundowns udokotela Patrice Motsepe kulandela ukunqoba kwakhe ekuthenini abe ngumholi wenhlangano enkulu eyengamele ibhola lezinyawo ezwenikazi lase-Africa. Kuzobe sekungena indodana yakhe emaguzwini akhe kube iyona eqhoqhobala izintambo ukuze umgqigqo waleliya qembu ungaphazamiseki nakuba sekukhala iqhude.
Abakwa DStv njengoba wazi ukuthi ibona abaphethe kweze premiership yakuleli, babheke izidingo ngqangi ezifiswa abathandi bebhola kuleli. Kokunye abakubalile babale ukuthi bafisa amahhovisi e-CAF akhiwe eGoli. Bafisa imidlalo ye-CAF ivezwe kumabona kude iphinde ibukwe mahhala.
Baphinde bacela nokuthi kubekhona lolu hlelo olubizwa ngokuthi i-VAR ebholeni lase-Africa namaphethelo. Abagcinanga lapho kodwa baphinde bacela ukuthi ibhola lase-Africa lingabe lisengamelwa amakhehla kodwa libhekwe izinsizwa ezalidlala ibhola zavelela nasemazweni aphesheya ezifana nabo Drogber, McCarthy, Etoo, Yaya Toure nabanye.
Sikuzwa lokho isibatshwazwa sakwaNongoma esisamisiwe okhozini ngenxa yokwephula imithetho sithe, sicela ukuthi umengameli omusha ayishintshe le ndebe oyibona esithombeni ngoba imbi ayimnandi neze. "And please president change that trophy, it's not nice." Kubeka uTshatha ngolimi lwangale.