Oklebe baphenya ibheshu bangene shiqe ngaphansi kwe-under yendoda. Bakhala ezimathonsi abathandi bomculo abalindele ukuthi kubuye uTshatha ukuphela kwenyanga. Ngesonto eledlule ohola amaciko ngaphansi kwalo mkhankaso wokulwa nokugwazelwa kwemisakazo, uMzwakhe Mbuli, uthe lolu daba sebelufake koKlebe njengoba benamagama abasakazi nobufakazi ngalo mkhuba.
UMbuli, obecasuke egane unwabu, uthe kuyinto engakholakali ukuthi izingane zabantu eziculayo kumele zikhokhele amakhono azo ukuze zizothola ithuba lokuba kudlalwe umculo wazo emsakazweni.
"Ngeke size sithule sibona kudlalwa ngathi. Ngeke size silenze iphutha lokuthi sigoqe izandla ekubeni sibona ukuthi kuyonakala. Sifuna ubulungiswa," kusho uMbuli. Okhulumela oKlebe kuzwelonke, uKatlego Mogale, ukuqinisekisile ukuthi uphiko lwabo, oluphenya ngenkohlakalo ebucayi, luthintwe yiqeqebana lamaciko akuleli maqede laletha nencwadi efungelwe emaphoyiseni.
"Izinsolo eziphakathi zizophenywa kodwa ngebhadi ngeke sidalule amagama nezikhundla zabathize njengoba udaba lusaphenywa," kusho uMogale. Amaciko afuna kuphenywe abadidiyeli bezingoma, abasakazi nophrojusa bezinhlelo zemisakazo engaphansi kweNhlangano yezokuSakaza kuleli (SABC).
Kwabasohlwini kubalwa umsakazi weSidlo Sasekuseni noSigiya Ngengoma oKhozini, uKhathide "Tshatha" Ngobe, abadidiyeli bomculo kulo msakazo okunguKhetha "KSG" Gwala noZanda Mthembu. UKhetha uthe akaboni kulungile ukuthi angaphawula ngalolu daba olubucayi kangaka. Uyalele intatheli ukuba ixhumane naloyo okhulumela iSABC.
UZanda, owake wasakaza oKhozini nakwiGagasi, naye igama lakhe elinaphazwe kakhulu, wale waphetha ukuphawula ngalolu daba ekhala ngokuthi ngokwenqubomgomo yomsakazo akagunyaziwe ukuba aphawule kwabezindaba. UZanda usolwa nangokuba yiqili elizikhotha emhlane njengoba kuthiwa ushintshanisa ama-sim cards mihla namalanga.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaTshatha ayiphumelelanga. Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, uthe sebeyazi ngezinsolo zokugwaziswa kwamaciko kodwa bazothatha izinyathelo ezifanele uma sebethole ubufakazi ngoba iSABC iyinyanya kabi iPayola.