Goto News >
Search..

Goto News
isililo ngomlando weSilo engekho uTshatha

Isizwe sonke sikaMthaniya sikhala ezimathonsi ngokudlula emhlabeni kweSilo samabandla onke uZwelithini. Kuqubuke isililo esikhulu kubalaleli boKhozi FM ngokushoda komuntu ozobathatha ebabeka la befisa khona ngomlando wesilo njengoba engekho uKlebe klebhula bosala bethunga abanezinalithi.


"Kubukeka sengathi uKhozi alusenandaba nezimvo nemibono yabalaleli balo. Thina ndlu kaZulu sonke ngothi lwethu sikholwa ukuthi uTshatha uyena kuphela umsakazi ongakwazi ukusithatha asibeke ebuntwini nasebunzulwini bethu ikakhulukazi ezimeni ezifana nalezi. Kuqale kwedlula ubaba uBhodloza sakhala."

"Kunephethishini esayinwayo kumanje esicela ngayo siphinde sidlulise ngayo imizwa yethu kubaphathi boKhozi singelutho. Siyezwa ngandlebenye ukuthi uzobuya ukuphela kwenyanga kodwa siyaphaphatha sithi akabuye ngokushesha ngoba kuningi esimdingela khona." Kubeka ikhasi elisayinisa iphethishini.


NoNgizwe Mchunu ukhale kakhulu ngokushoda komuntu okwazi ukuthatha abantu ababeke entweni njengoTshatha. "Ukube Ukhozi lunabaphathi abahlelekile bebezombiza uTshatha noma usuku lube lunye azosakaza aphinde abhonge emswaneni ngokudlula kweSilo. Isizwe sonke siyazi ukuthi akukaze nakanye aqale ukusakaza uTshatha engalibizanga igama lesilo ahaye nezibongo zaso. Kodwa ngoba Ukhozi luphethwe zishiphi ngeke ubabone bekwenza lokho." Kuthetha uNgizwe Mchunu.