"Khuluma Dunudunu unengqondo, ungabuyeli kuye weNgiga mfoka Ndlovu nginifuna one by one." Lawa angamanye amahlaya agcwele ezinkundleni zokuxhumana okudelelwa ngawo ingoma yeMfezemnyama esanda kuphuma esihloko 'Umshado Yijele.'
Nakuba kunjalo, lowo oshayela uhlelo lukaSgiya ngengoma kuKhozi FM uZimiphi uyivumile ingoma yeMfezi. "Kuyaye kufuneke ukuthi uyilalele kahle ingoma ukuze uyizwe. Umlayezo odluliswa ilengoma awufani nodluliswa ekaKhuzani." Kubeka uZimdollar.
Abathandi bomculo abafuni nakuyizwa le ngoma njengoba bekholwa ukuthi iphikisa ingoma esanda kunqamula unyaka. Bathi iyawahlaza Amabhinca ekubeni esebenza kanzima kangaka ukuze enqobe izizwe.
"Le ngoma kwakumele ivinjwe ingaphumi kwakuphuma. Siyinhlekisa manje kweminye imkhakha yomculo. Kuthiwa asizwani asibambisene. Phela nempumputhe iyabona ukuthi ayicabanganga Imfezemnyama ngaphambi kokuthi ikhiphe le ngoma." Kubeka uMbhekebheke kwezeNdlamlenze eMtuba.
"Isheshe yacwila injalo nje. Uke wayizwaphi idlalwa le ngoma ngoba kuthulekile nje ubukwa ubulima umfoka Khumalo. Akazazi naye ukuthi ubenzani. Yebo uyezwakala umlayezo kodwa angicabangi ukuthi bekumele ayikhiphe ngemumva kwale kaKhuzani ethi umshado akulona ijele." Kuqhuba le nsizwa.