Goto News >
Search..

Goto News
itrenda ingakaphumi ekaMdumazi

Kulindeleke ukuthi iludle ibhedu ingoma kaMdumazi Igeza lendalo umfoka Mhlongo. Le nsizwa enekhono elimangazayo ezindimeni zomculo nasezinsizweni ngenxa yekhono lokuvumisa uma zihlangene, iyatrenda kuma social network.


Kuputshuke ivideo yale nsizwa imanzi te utshwala ivumisa enye yezingoma okukholakala ukuthi izobe ikhona kwi-album yayo ezophuma ekupheleni kwenyanga.


Le ngoma isivele yaduma yavala thaqa, zonke ezintsha eziphumile sezivele zaphupha same time zaphuma ebantwini.

Ivunywe kahle ngoba noTshatha benoZimdollar bayivumile lengoma kanti eyabalandeli ayikhulunywa. Sekugcwele namavideo abantu beyicula. Nensizwa ecula uMaskandi uGovozile osanda kukhipha eyakhe emnandi album uyivumile le ngoma.


"Ngeke ngimdlele umona umfwethu, njengoba ngisho nasengomeni ukuthi Amabhinca asejikile, ibhinca uma lenze into enhle amanye ayaleseka. Ngithi angimvume umfoka Mhlongo ngoba ayi ngiyizwile le ngoma yakhe ngize ngayiposta nasekhasini lami." Kusho uGovozile itourist kwezomculo.