Sivaleke ngokushesha isikhala sikaPolo Emdletsheni. Igcokama elisha lisivale ngensizwa esimkantsha ubomvu ezindimeni zomculo uTekisi owaduma kakhulu esebenza noKhuzani umfoka Mpungose oyimbangi enkulu yeGcokama.
Ukushiya kukaPolo kwezeGcokama kwasusa okukhulu ukushisa kubathandi bomculo weGcokama bezibuza ukuthi ngabe uzolitalabha yini Igcokama njengoba eshiyile nje. Kodwa wazichitha lezo ngonyaka odlule wathi ngeke asho lutho ngoba waphuma kahle kungaxatshenwe.
Zijikile izinto kulo nyaka njengoba le nsizwa itshele abathandi bomculo wayo ukuthi kulo nyaka uzolibhula kujike ilanga ihawu. Akashongo ukuthi uzoshaya elikabani ikhanda kodwa kunezinsolo zokuthi uzogiya maqede athele Igcokama ngomquba.
"Ngizolibhula kujike ilanga ihawu kulo nyaka. Umfana ongakwazi ukuvika komsiza ukuthi acashe emumva kwesivalo ngoba ngizolishaya phezulu." Kubeka uPolo osanda kuchaza ukuthi kungani Igcokama lafika sekuhlwile odwendweni lwakhe.
"Ngalelo langa sasimatasa kakhulu kungelula neze ukuthi umfoka Manqele afike ngokushesha odwendweni. Kunanamavideo agcwele ezinkundleni zokuxhumana la Igcokama livela esteji emcimbini weNdidane lidlala lodwa singekho thina."
"Kushuthi savumelana ngokuthi ngoba uceliwe ukuthi abekhona emcimbini weqhawe asehlukane phakathi. Zafika early izinsizwa oMshovo kodwa Igcokama kwaliphoqa ukuthi lifike late emcimbini wami, nakhona ngabonga ngoba wafika nakuba kwakunzima ngaleliya langa simatasa sonke." Kubeka uPolo.