Goto News >
Search..

Goto News
Liqedile ngeGcokama Igeza lakwaMgube

Sekuvele konakala kakhulu ezindimeni zomculo kaMaskandi njengoba inkosi yomtalabho sisvele yakubeka kwacaca ukuthi kule CD izolibhula kakhulu kunakuqala ihawu.


Kuthanda ukusinda kwehlela kumfoka Manqele ngoba le CD ngathi ikhishelwe yena mathupha. Indaba iqale nge-vn ebiphakathi kukaMthandeni noDlubheke la bekhulume khona amagama aziswana ngeGeza lakwaMgube.


Kwenzeka konke lokhu nje, livivile Igeza lakwaMgube libheke ukuthi uma kukhona okuzolithinta bese livele lizifaka zonke enyameni. Kule CD yakulonyaka ezophuma mhlaka  1 December 2020 kuthande ukujiya kakhulu.

"Kulokhu ngizokhombisa abafana abancane ukuthi akudlalelwa ezinsizweni esezindala njengathi kanje. Ngicikwe kakhulu nayilo wakwaNgqulu ebengizitshela ukuthi angeke esayingena impi yomculo ngoba waxolisa kontanga yakhe." Kusho Igeza.


"Ngizomfundisa ke mina ukuthi kunjani ukudlalela ezinsizweni ezindala ezaqhathwa ungaphethe nduku. Isihloko sale album siyazisho bafwethu sithi 'Ihlo leskhova'. Ukuthi lenzeni ke hhay angizukuchaza okuningi ngoba kuzozwakala engomeni."