Akugcinanga ngoMalema noSjava ukuncoma lelitemu elitrenda umhlaba wonke, kodwa nalowo odume kakhulu kwezokusakaza Okhozini FM uSphongo umfoka Dlala ulivumile. Le nsizwa ikhulume nabezindaba yathi nakuba ingeke ilifake ligcwale elithi fuseg wethu kodwa lona linabo ubunsizwa futhi liyathandwa kakhulu.
"Uma sithi sigiya ngengoma sisuke sikhuluma ngento ethinta into yethu thina bendlu emnyama futhi sisuke siqhakambisa okwakithi njengamabhinca. Ngeke ke sayeka ukusho okushiwo izinsizwa eziqhakambisa okwakithi kanye nathi. Uma sithi fuseg wethu sisuke sitshela zona kanye izinsuzwa nezintombi ezithanda uhlelo lukaSgiyangengoma sithi asibambe ithambo."
Litrenda ubuthaphu thaphu leli temu ungafunga ukuthi lavelela kanye ne-CD kanti cha. Le nsizwa yakwaManqele kumanje yehla yenyuka nkalo zonke ilungiselela ukukhipha umdividiyo ethembise ukuthi uzobe usezingeni lomhlaba. Kunezinkomba nezinsolo zokuthi kungenzeka kuvele lowo owabe engupresident kuleli ubaba uMsholozi ozovela ethu kungcono ekhaya kuaysengwa.