Goto News >
Search..

Goto News
Lizifaka zonke enyameni Igeza lakwaMgube

Selikuphindile lokho elidume ngakho Igeza lakwaMgube. Kulokhu libatalabha bobabili uMthandeni Manqele noDlubheke Khuzwayo. Kutrenda ivideo yalezi nsizwa zombili ziplana ukuthi zizokwenza ini kulo December khona zizotrenda.


Kuzwakala uMthandeni efonela uDlubheke ethi kuzomele betalabhane bukhoma kodwa le ndaba ingafiki kubaphathi babo ngoba bayazimosha izinto. Khona manjalo bafaka negama likaMgube phakathi bathi yini yona leyo uMgube.

Akumthathanga sikhathi umfoka Ndukuzempi ukuziphindiselela kulezi nsizwa ebezidikadika igama lakhe zimkhuluma kabi.


"Angazi ungifunani ke wena nsump'ivalihlo." Esho kuDlubheke. "Ubuzongibona kanjani ekubeni ihlo lakho livalekile. Yazi nidina kabi nina bafana abancane ngoba nihamba nizifaka nje. Wenza ntunsula angazi usangifunani ngoba ngaqeda ngawe.


Wena Ntsumpa ngiyabona awungazi ungizwa ngendaba. Benginawe ezinsukwini nje wangakhombisa ukuthi unempi, wawulokhu ukhophozela kanti ukuthi kunento ekudlayo. Ubhasobheke mfana ngoba usuthinte abangathintwa."