Goto News >
Search..

Goto News
Nina balandeli ninamanga nenhlamba by Mthandeni

"to Kubalandeli bakaMaskandi"

"Empilweni yami ngiyaqala ukubhala i Essay ende kodwa ifunde mfwethu uyiqede ngoba mhlawumbe izokwelapha wena, bamfwethu ngiyazi ukuthi abanye benu bayaluthanda udlame nalento yokuncofana kwabaculi iyanijabulisa kodwa futhi hhayi nonke, ngoba abanye benu bafuna ingoma emnandi nje qha abalufuni udlame. Namhlanje ngifuna ukunitshela kwezikabhoqo ukuthi minake angisezukuyingena le yabantu abakotelayo abafuna udumo kumina ngoba umuntu uyamusiza umuphendule umudumise maqede abuye esezobonga ngepuleti lendle".


"Uma kwenzeka edlula emhlabeni lowo mculi nina nibuye senizoxova la nithi angijabule phela ngoba sesifile isitha sami, kodwa nibe nazi kahle ukuthi ubencweka lowomuntu, anibe nisasho ukuthi ubencweka nami lowomuntu futhi bekumusiza ukuphendulwa yiGcokama niba personal. Lomukhuba wena mudala ngoba sinibonile niwenza kuMtshengiseni kushone iBhova naphinda nawenza kuMjikijelwa kushone iBhova, naphinda nawenza kuAli Mgube kushone iNdidane eMsinga, naphinda nawenza kumina kushone iChalaha likade lingincwekisa naze naphendulela nezibongo zami nasho okungeyikho".

"Into esengiyiqaphelile kulomculo ukuthi inina enisiqathayo nibambisene nezintatheli zamaphepha ikakhulukazi lawa esiZulu, futhi sengize ngisole ukuthi abanye benu bayalufuna nabo loludumo esikulo ngendlela abanenzondo ngakhona umuntu aze akuthuke nangabazali bakho asebashona akuthuke ngobuntandane bakho, kodwa ungakaze uxabane naye lowomuntu futhi ungamazi ngisho nokumazi. Yimbi leyonto balandeli akenifunde ukulwa nezimfene zabathakathi bakini ngoba ninezitha nani azinimisekabi emakini, niyeke ukulawula umculo ngenhlamba, uma nifuna ukucula culani nani asivimbele muntu la nani sizoneseka uma ninamakhono sinixhase sinikhuthaze nidume nezwelonke njengathi".


 "Lapha ngikhuluma nabalandeli bomculo kaMaskandi wonke jikelele, anginambangi mina ngizishayela ingoma nje kuphela ngobhokle engimuthandile ngaleso sikhathi ngijabulise abantu nangamancoko, angilwi namuntu, baningi nabaculi bakaMaskandi asebebadala asebehlelwe izinga lokucula ngenxa yokuthi anisabakhuthazi ngokuthi banyuse amasokisi kodwa nikhuthaza inhlamba nezindaba ezingamanga kuma CD yingakho amavukane enengoma enkulu yingoba ayacula awathuki nhlamba....", lawoke amazwi kaMthandeni...