Goto News >
Search..

Goto News
Patrick fwethu uhlalele ovalweni

Njengabo bonke abafundi bakaMatikuletsheni abalindele iphepha namuhla, uzoyikhumbula le nsizwa eyafika ezindimeni zomculo ngegiya eliphezulu kakhulu yaduma umhlaba wonke ngokushesha. Ayidumiswanga ubumnandi bengoma kodwa yadumiswa izinga lokubhimba elaliphezulu ngendlela emangalisayo.


Uvalo lubhalwe mehlweni kule nsizwa njengoba kumele igama layo livele ephepheni namuhla. Akudlali phela ukwenza izinto eziningi ekubeni wenza nomatikuletsheni. Uzokhumbula ukuthi le nsizwa yaze yavela ngisho kumatelevision ikhuluma ngomculo wayo. 


"Lukhona lona uvalo kodwa ayi kakhulu ngoba ngiyazi ukuthi ngabhala kanjani. Sengilindele lona nje iphepha bese ngikhombisa abalandeli bami ukuthi isiyishayile intambo inkunzi yabo. Kuyisifiso sami ukuthi ngiqede ngesikole kulo nyaka ukuze ngizokwazi ukuqhubeka nezemfundo ukuze ngizoba uMaskandi onequalification kusasa. Isifiso sami ukungathembeli emculweni kuphela kodwa kubekhona nokunye engikwenzayo eceleni."

Kubeka uPatrick umfoka Ngubane. Ebuzwa nge-album entsha noma ingoma entsha uthe okwamanje ubesafuna ukuqeda isikole then emva kwalaphoke usengaqala akhulume ngendaba yengoma entsha. "Yona ngeke ngithathe izikhathi eside ngingangenanga futhi estudio ngoba abalandeli bami bomile bafuna ingoma maduzane. Kuyisifiso sami ukubabona bejabulile ngaso sonke isikhathi. Yingakho ngizolinda leli phepha bese ngidedela ingoma ezothandwa umhlaba wonke futhi."