Goto News >
Search..

Goto News
U3sconds usegqilaze uNavigator ingakaphumi ingoma yabo

Inyanga yodumo lokugqilaza abaculi nesigqilaze abaningi abaculi isigqilaze uNavigator Gcwensa. U3seconds owaqala ukwaziwa kakhulu endimeni kaMaskandi noma engesiyena umculi yena kodwa waduma ngenxa yabaculi bomculo wesintu ababecula ngaye bebonga amagalelo akhe ekuthenini bephumelele emculweni. Kulabo baculi singabala uKhuzani Mpungose nokuwuyena owaqala ukucula ngayo lendoda kanye noAli Igeza lakwaMgube nalo licule kakhulu ngale ndoda licela ukulayelwa emzini ka3seconds ukuze amsize naye athole udumo.


Kunengomake ebekufanele iphume maduze ikhishwe uNavigator naye eyicula etusa amagalelo ayo lenyanga yaseMpangeni esidume ngokugqilaza abaculi nokuthe  ingakaphumi lengoma u3seconds wafonela uNavigator ngoba ethi ufuna ukumnika iziyalo mayelana nomculo wakhe kodwa uNavigator akathandanga ukukhuluma no3seconds ngoba uvele wayivala ifoni, waqubeka u3seconds ukumuzama ngamanye amafoni akwaze kwalunga ngoba nawo ubewavala uma esezwile ukuthi u3seconds.

Kuze kwafika lapho athumela khona abafana u3seconds ukuthi beyomubizela uNavigator kodwa uNavigator uphendule wathi,"Uyinsizwa engakanani lowo 3secnds wenu uma elele", ilawo mazwike avele acasula kakhulu 3seconds wavele wathatha isinqumo sokumgqilaza, umuguqise phansi isikhathi eside ngenhloso yokumgweba, ubesathe uzama ukuxolisa uMfokaGcwensa kwavele kwafana nokuthi uthela amanzi emhlani wedada ngoba kwale ngisho esethi ucela ukuletha inkomo ehamba ngezinyawo azoxolisa ngayo phela ngoba u3seconds uthe akasafune mbuzi yena lapha kwakhe ngoba seziningi kakhulu izimbuzi anazo akazithole ngakho ukugqilaza abaculi.


Kugcine kumuphoqa uNavigator ukuthi asithathe njengoba sinjalo isigwebo sakhe sokuvuka ekuseni ngo 4 agubhe ithoyilethi aphinde asenge izinkomo uma kuphakama ilanga, ageze amahhashi bese egeza zonke izindonga zezindlu zaka3seconds, wenza zonke lezizinto-nje uhlala kubo kwaGcwensa uvuka akeseni ahambe ngezinyawo aye kwa3seconds ngoba phela kusho yena u3seconds ukuthi akafuni ukuthi agibele izimoto uma eza emsebenzini....