UNgizwenkosi Mlando Mchunu insizwa abathi ilahlekelwe ibheshu yathatha uJesu ngoba lensizwa yakwaMchunu inele yaqala ukuhamba amatende kanye noProfesa Khehlelezi yase ilahlekelwa ibheshu layo kuwukuphela kwalo. Kuphinde kubukeke sengathi sekusele kancane ukuthi akholwe uNgizwe ngoba usenokuphatha izinhlelo zasemasontweni.
"Asiphinde sikhulekele nezwe bafwethu kubi, kubi bayalwa laba baya feselana baphinde beshayelane nama phantshi begi", kukhala ungizwe. "Obani abalwayo?", kubuza uProfesa Khehlelezi, "uAce noRamaphosa, abantu abadala kangaka engabe baba izibonelo ezinhle ezweni kodwa bayaklwebhana njengamakati, ihlazo nje leli abalenzayo, bese bezophaphela thina, bezophaphela ingane ezincane engabe ibona ababa izifundo, mangabe befuna ukuqondisana abaqondisane futhi uma bekhiphana abakhiphane bonke ngoba kumoshakele laphayana". Kukhala uNgizwe ekhala ngoKhongolose.