Sekubonwa ngokusa kumholi weqembu likamaskandi, Abafana BakaMgqumeni, uNelisani ’Jezelikhulu’ Mseleku. Kuthiwa ungeniswe esibhedlela ngoMsombuluko. UNelisani nomfowabo, uSkhevane bacula bobabili eqenjini futhi bangabafowabo bengwazi kamaskandi engasekho, uMgqumeni, eyayidume ngeleBhova likaDikadika.
UMgqumeni ushone ngo-2009 ngemuva kokungeniswa esibhedlela exinwe wukugula, abafowabo base besala beqhuba umculo. uNelisani ukhale ngesiyezi, wawa ngoMsombuluko, eseNewcastle nomfowabo wabe esengeniswa esibhedlela. abephephandaba bazamile ukumthinta uNelisani kodwa ucingo lwakhe lwangabanjwa, kwabuya umyalezo othi alukho kuyena kodwa makuthintwe umfowabo.
Umfowabo, uSkhevane uthi isimo sakhe sisesibi esibhedlela. “Ukhale ngesiyezi sihamba elokishini, wase ethenga isiphuzo ezama ukubuyisa amandla, emuva kwalokho wawa. Ngendlela okwenzeka ngayo ngize ngakhala ngoba ngithukile. Ngicele abantu ukuthi bangibambise yena, ngamuyisa esibhedlela,’’ kuchaza uSkhevane.
Uthe emuva kwalokho ubikele umndeni nawo oshaqeke kakhulu futhi uhlalele ovalweni ngesimo sikaNelisani. USkhevane uthi okunzima kakhulu wukuthi imigomo yeCovid-19 kayivumi ukuthi baye ukuyombona esibhedlela umfowabo kodwa bezwa ngezingcingo nje kuphela. Uthe kodwa bahleli emthandazweni, bayethemba ukuthi uzolulama. ’’Asiyazi le nto ephethe umfowethu kodwa sesibeke ithemba kuMdali, ukuthi uzolulama, sibuye siqhubeke nomsebenzi.’’