Ngokomthetho wesizwe sikaZulu, ngonjani umuntu okufanele angene ezicathulweni zeSilo? Kuzokhumbuleke ukuthi uma uyingane yomfana uzalalwa iSilo ukhetha intombi oyithandayo nomengabe ingeyakwabani kodwa ngokomthetho wesizwe samaZulu, uma uyinkosana yeSilo kuye kufuneke ukuthi nawe ukhethe intombi yaseBukhosini ngoba angeke uyithole ingane ezongene ezicathulweni zakhu uma usukhotheme kubantukazana noma kumakoti ungazalwa ebuKhosini.
Abantu abaningi badidekile ngento eyenzeka eNdlunkulo mayelana nokukhethwa kweSilo esisha ukunguMisuzulu Zulu, bayazibuza ukuthi ukhethwe kanjani bekhona obhuti bakhe abadala bendlovukazi endala? Lento ewumthetho wesintu ithi iNdlovukazi endala ayizalwa ebukhosini ngakho-ke ayikwazi ukuzala inkosana ezongena ezicathulweni zikaYise uKing Goodwill kaBhekuzulu Zulu kodwa uMantfombi Dlamini uyena kanye owayethathelwe ukuletha iSilo esisha emhlabeni esizongena ngemumva kukaMdlokombane ngoba yena uzalwa ebuKhosini ingakho walotsholwa ngezinkomo zesizwe hhayi ngezinkomo zeSilo futhi ingakho uMisuzulu Zulu wazalelwe esikhumbeni sengwe yena yedwa kubafowabo.
Ekudluleni kukaMantfombi Dlamini Zulu emhlabeni kwasoleka sengathi kunesandla semfene esikhona kwasho khona ukuthi ayikho into esingayenza thina njengomphakathi ukuqinisekisa ukuthi ngempela uhambe ngesandla semfene kodwa kwasiphoqa ukuthi silinde odokotela bacubungule umzimba wakhe, nangempela bawucubungulile umzimba bathola ukuthi akavelanga-nje wazishonela kodwa kunoshevu akawudla ngoba bawuthola esibindini sakhe uMaDlamini nokuyiwona lo owamushisa waze wamukhipha umuphefumulo.
Bakhonake abasolekayo kuwona amalungu omndeni kodwa asikezukuwadalula amagama abo ngoba asinawo amaphepha akuqinisekisayo ukuthi ngempela yibona abenza lento ebuhlungu kangaka ngoMaDlamini wesizwe.