Njengesambane esimba umgodi maqede singawulali, uDlubheke umfoka Nondindwa usephenduke isixaxa kwelakubo kuWard 1. Le nsizwa esanda kuveza ukuthi isijoyine iqembu lezepolitiki nala akazovela khona kakhulu eqenjini le-ANCYL izwakalise ukukhathazeka ngendlela ehamba kancane ngakhona intuthuko kuleliya lizwe.
"Kusenzima kakhulu kwelakithi. Kuningi kakhulu okusamele kwenziwe ukuze izinto zilunge. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi nabantu abasha kuleya ndawo okuyibona okumele ngabe bayavota banezinkinga zamapasi. Akuyona nokho into yanamuhla, nathi sakhula kunzima vele ukuthi intsha yangakithi ithole amapasi." Kuchaza uDlubheke.
"Eyentuthuko angazi ngingathini ngayo ngoba kusabheda kakhulu. Ayikho imigwaqo esesimweni sokuthi kungaphila kahle abantu. Kunezimoto ezinhle kakhulu ezithutha umphakathi ziwuse edolobheni eNquthu kodwa itiyela likude kakhulu kakhulu nesakhiwo salo sihamba kancane."
"Kodwa ngokubambisana ngiyazi ukuthi singagcina sinqoba." Kubeka umculi owaduma kakhulu efika endimeni eneminyaka engama-15 kuphela. Le nsizwa ihamba ezinyathelweni zikayise uShobeni Khuzwayo ngakho konke nje ikakhulukazi ngokwendima yomculo.