Emva kokuba evele kwivideo egqilazekile uNavigator uMfokaGcwensa egqilazwa yiyo leyonyanga yodumo lokugqilaza abaculi yangapha eMpangeni ephinde ibe umkhaya wakhe uMfokaGcwensa, usephendule ezinkundleni zokunxumana waphinda wenza nama voice notes ethi yena angeke aze ayenze leyonto ize kwiVideo evele ekhala izinyembezi u3seconds emugqilaza emutshela zonke izinto okufanele azenze ukuze bexolelane.
UNavigator uvumile ngesikhathi esaguqisiwe ukuthi uzovuka ekuseni ambe umgodi wethoyilethi, asenge izinkomo aphinde azibuyise ntambama azozivalela kanye nezimbuzi bese esuka kubo ngezinyawo azogezo izindonga zakwa 3seconds noma uzosuka kubo ngezinyawo ngaso sonke isikhathi uma ezosebenza kwa3seconds.
Usephendule okokuqala ezinkundleni zokunxumana wathi,"nitshele lowo 3seconds wenu ukuthi uma efuna umkhovu uzomugezela amahhashi kanye naso sonke lesiphihli sodoti abengitshela wona akashayele isipikili ekhanda kumathwasa akhe. Uyogcina ngokugqilaza bona oMphako bazigqilazekele vele mina ngibhizi kabi", iwonake amazwi alensizwa yakwa Gcwensa wokuqala. Uphinde wabhala ukuthi,"King-gugas Yenu, into engagqilazeki uyibuka-nje".
Emva kwalokho ube eselandela ngokwenza ivoice note ethi,"Yey lowo 3seconds wenu uyangidakelwa nimutshele ukuthi ngithe uyangisanganela, kanti uyinyanga enjani engenawo amathwasa kanti sebashona oOctober noSokhela, oCronikha abelungu abalusa izinkomo akeyochoma ngabo, uma efuna umuntu akazomlusela akahambe eyothenga izipikili azishayele emakhanda amathwasa akhe hhayi mina, minake umuntu ngiye ngimulalele, ngimulalele ngimubuke-nje angipetulele isihlama", lensizwake iphethe ngokuthi uma engakwenzi lokho ekushoyo u3seconds yona izothatha iring force izifikele yona mathupha kuyena imugqwagqwe ngayo imuqede nyaaa ngoba iyamazi ukuthi akansizwa.....