UPolo uMfokaMakhoba odume kakhulu eqenjini likaMthandeni noma odume kakhulu ngokusebenza noMthandena kusukela iqembu liqala kuze kube kufika ekuthenini ashiye noma alishiye leliqembu ngenxa yezizathu eziningi ezigcine seziholela ekutheni athathe isinqumo sokuhamba ayokwakha owakhe umuzi.
Lento yaqala Empangeni ngo 2016 emva koxolo olwalubanjelwe khona eMpangeni lapho uMthendeni adayisa khona uPolo emdayesela uKhuzani ngoba efuna ukuthi abe impimpi yakhe emthuthela izindaba eMandaba izilethe eMdletsheni. Echaza uPolo uthi akayithandanga yena leyonto ngoba uMthendeni wayengafuni nokuthi ozakwabo akagidela naye uMthandeni uPolo bazi ngalesi sinqumo sokudayisa uPolo kodwa akavumanga uPolo ukuthi lifihlelwe ibandla akasebenza nalo.
Uqubeka athi uMfokaMakhoba lento uyikhulumiswa isenzo sikaMthandeni sokufuna ukumqatha nabalandeli njengoba sebeqalile abalandeli ukumbiza ngexoki, uthi uPolo uManqele uhamba ekhuluma ngaye ethi njengoba wayeshadelwa-nje walotsholelwa akazilobolelanga yena. Uthi nangelanga eshadelwa uPolo uManqele nabafana bakhe bafika ebusuku bephethe utshwala babo kwase kubakhona abalandeli abangayithandisisi kahle leyonto babe sebethatha isinqumo sokuqumisa amathayi emoto kaMthandeni.
Equbeka echaza uthi kwakuyilanga lakhe loshadelwa kodwa kwamuphoqa ukuthi ashiye yonkinto ayolala kulemoto ukuze ayigade bengagcini sebeyishisa abantu kodwa emvakwakho konke lokho yena wenziwa umuntu omubi kodwa ibe ingekho into embi ayenzile. Uthi yena wenza into akayethi umphathi wakhe akayenze kodwa emva kwalokho wamjikela wamubiza ngephixiphixi, "namanje ngyazibuza ngyaziphendula ukuthi kanti kwakiyini inhloso kaMthendeni njengoba manje sekuyena ongenza umuntu omubi", kukhala uPolo.