Goto News >
Search..

Goto News
Onjani umutnu ofanelwe ukungena ezicathulweni zeSilo

Uma sikhuluma ngeSilo sisuke sikhuluma ngeNkosi yamaKhosi akwaZulu noma yesizwe sakwaZulu sisonke jikelele kanye namaKhosi akhona, lowo muntu uzalwa nabo lobu buKhosi akavotelwa noma akaqokwa kodwa waziwa esesesibelethweni sikanina ukuthi uzongena ezicathulweni zikaYise osuke eyiSilo esisabusayo ngaleso sikhathi.


Onjanike lomuntu okufanele abe iSilo?

Makube ngumZulu wakwaZulu futhi isibongo ngoba lento ihamba ngozalo aphinde abe ngozalwa isithole sasebuKhosini ayi ozalwa ngumuntukazana (Ubaba wakhe makabe iSilo besekuthi umama wakhe abe iNkosazane yasebuKhosini). Njengoba ezalwa evele esaziwa-nje, makazalelwe esikhumbeni seNgwe akhulele kuso noma akhule edlala kuso aze afunde ukugaqa ngokugaqela kusona ukuze lamandla azalwe nawo kanye nalempepho yamandla ashunqiselwa ngayo mhla ezalwa engezukuphela kuye nokuyiyona eyohlala imunika amandla okubhekana nezitha ezivukela umubuso kaZulu.

UMisuzulu kaZwelithini kaBhekuzulu Zulu akakhethwanga noma akaqokwanga kodwa lento waphuma nayo esibelethweni sikanina wakhe uMama uMantfombi Dlamini Zulu ozalwa ebukhosini base Swatini, ngakho-ke yonke lento ebhalwe ngenhla yenziwa kuye yenziywa ubaba wakhe uMdlokombane kanye nomama wakhe uMaDlamini Zulu ngoba kufanelekile ukuthi bayenze ngokugunyazwa umthetho noma uSiko lakwaZulu olwalwenziwa obabamkhulu babo oShaka kaSenzangakhona Zulu kanye nabobonke abalandela ebukhosini buka Zulu ngemva kwabo.


Sikubhala lokhu ngoba abantu abaningi bahamba nomoya ngenxa yokuntula ulwazi kanye nokudidiseka bedidiswa ngabantu abathize ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo nokungelula ukuthi zizofezeka ngoba lento ijule kakhulu futhi ineMpepho phakathi....